Mphathi wohlelo, ngiyathokoza ukucosha ithuba lokuthi ngime phambi kwenu ngibeke amazwi kule ngqophamlando yomcimbi lapho sizokwethula khona ngokusemthethweni uhlelo lukaHulumeni esebenzisana namaphoyisa kuzo zonke iziteshi ezingu: 184 kulesi sifundazwe, kanjalo nezinhlaka zomphakathi ezilwa nobugebengu, okuwuhlelo lwamaholidi kaKhisimusi.
Empeleni lolu hlelo lokuphepha ngamaholidi kaKhisimusi esilwethula namuhla, siluqale ngokuqala kuka-October – sizolududula kuyoze kulamule umhlaka-31 January 2025.
Njengoba nibona kukhona lelibhodi elisayiniwe, ekseni siqale ngokusayina isivumelwano sokusebenzisa njengezinhlaka zika-Hulumeni ukuze siqinise indlela yokusebenza ekulweni nesihlava sobugengu sibhukule sonke ngokumbisana. Siyakholwa ukuthi uma sisebenza ngokubambisana nakanjani lizobuya ithemba kubantu bakithi, bahlale endaweni ephephile, enozinzo kanye nokuthula.
Macingwane, siyawubonga futhi siyathokoza kakhulu ngomsebenzi omuhle owenziwa amaphoyisa lapha esifundazweni sakithi. Abantu bakithi bese bephelelwe yithemba sebethuka izanya ngenxa yokuhlaliswa lubhojozi yizigebengu.
Umsebenzi owenziwa amaphoyisa eholwa ngu-Lt-General Nhlanhla Mkhwanazi, uyancomeka futhi siwushayela ihlombe elikhulu. Siyaqonda ukuthi amaphoyisa awamaningi ukuthi asigade sonke, futhi asuke engekho ezindaweni zesigameko, yingakho siba nezinhlelo ezifana nama: operations, crime awareness programmes, stakeholders’ engagement kanye nalesi sivumelwano esisisayine namuhla. konke loku kuyimizamo yokusondela kubantu bakithi.
Ngiyafisa ukukugqugquzela umphakathi wakithi ukuthi ungagoqi izandla, kodwa usebenzisane namaphoyisa ukuze sibuqede ubugebengu endaweni zethu.
Kuzomele sikhumbule ukuthi izigebengu kazehli ezulwini njengemana, kodwa zihlala nathi emphakathini. Lezi zigebengu esikhuluma ngazo namuhla zingabantwana bethu, izihlobo zethu, abakhwenyana kanye namasoka ezingane zethu.
Ngamafuphi, lezi zigebengu esikhala ngazo imihla ngamalanga ngabantu esibaziyo nesibaqondayo.
Kungani pho singababiki emaphoyiseni ukuze sigeze igama lesifundazwe sethu, esesiphenduke isizinda namahlathi okucasha izigelekeqe?
Ukuze sibuqede nya ubugebengu, kuzomele sivale yonke intuba yokucanasa kwezigebengu.
Kulesi sifundazwe sethu Macingwane, sinesiqubulo esithi engangeni ngesango iyafohla – okuchaza ukuthi wonke umuntu okulesi sifundazwe kumele abe kusona ngokusemthethweni.
Ngiyafisa futhi ukuxwayisa ngiphinde ngigxeke amalunga omphakathi azijezisela wona izigebengu ngoba ethi alwa nobugebengu. Akekho onelungelo lokushaya ngoba esola noma ebambe Ilunga lomphakathi lintshontsha noma lonile.
Ngizokwenza umzekelo ngento eyenzeka KwaNongoma lapho umphakathi wabamba inkabi eyayizama ukusoconga ikhansela. Umphakathi wayibamba le nkabi qede wabiza amaphoyisa afika ayibopha. Yilokho-ke esikugqugquzelayo emphakathini.
Lapha eMnyangweni wezokuPhepha sinehhovisi elibhekele ukuqeqesha nokuseka izinhlaka zomphakathi ezilwa nobugebengu. Bonke laba abathi basebenza namaphoyisa kodwa bebe benza okuphambene nomthetho kumele BABOSHWE ngoba bayizaphula mthetho, badicilela phansi igama nomsebenzi wamaphoyisa, kanjalo negama loMnyango wezokuPhepha.
Ukusebenza kwethu nezinhlaka zomphakathi ezilwa nobugebengu sikususela emgomweni wethu “Wokwakha imbumba yokulwa nobugebengu” esithi “Building a United Front Against Crime” Lokhu sikwenza ngokuhlanganisa abantu emphakathini abazimisele ngokubamba iqhaza ekulweni nobugebengu. Sathola ukuthi zikhona
izinhlangano eziqalwe ngumphakathi ngokuvolontiya kwawo ngenhloso yokulwa nobugebengu.
Kuhlala kusikhathaza ukuthi uma amaphoyisa ekhipha imininingwane ngobugebengu ezweni lonke, iKwaZulu-Natal ihlale iseqhulwini ngokubulala, ukudlwengula, ukubanjwa kwenkunzi, ukubala nje okumbalwa.
Ukugeza igama lesifundazwe elingcoliswe wubugebengu, sihlala sinemikhankaso esihamba kuyo namaphoyisa ukukhuculula ubugebengu emadolobheni akhele lesisifundazwe. Kule mikhankaso esiyenzayo, ngiyalele neziMeya zoMasipala ukuthi nazo ziyenze ukuze izigebengu zibone ukuthi kulesi sifundazwe alifakwa kodwa libuya nesaphulamthetho.
Kule mikhankaso baningi abakhalelwa ngamasongo kaSigonyela, bese kuthi laba abafohlayo bahlelelwe ukuthi babuyele amazweni abo.
SiwuMnyango besijwayele ukwethula lolu hlelo ngoNovember. Kulokhu ngibone kuwumqondo omuhle ukuthi siyethule ngo-October ukuze kuthi makuqala izinhlelo zemigubho yezinsuku ezingu-16
zokulwisana nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane nabantwana zisifice sigijima.
Angikuveze nje ukuthi siwuMnyango wezokuphepha sisemaphethelweni ohlelo lokuqasha abantu abangu: 173 esizobatshala eziteshini zamaphoyisa ezahlukene ezihlezi zihamba phambili ebugebengwini bokuhlukunyezwa kwabantu besifazane nabantwana.
Phezu kwalokho, siqashe saphinde satshala eziteshini zamaphoyisa ezahlukene abafundi abaneziqu zezoMthetho abawu: 50, ukunabisa ulwazi lweziqu zabo kodwa futhi nabo bayakwazi ukulekelela lapho kunesidingo khona ukuze umsebenzi wamaphoyisa ubonakale emphakathini.
Sengiphetha, ngiyafisa ukugqugquzela abantu bakithi ukuba babike ubugebengu ngokuvula amacala emaphoyiseni ukuze babe ne-case number, lokho kuyalekelela uma usulandelela ngecala.
Uyakwazi futhi ukuza eMnyangweni wezokuPhepha ukufaka isikhalo sakho uma ungagculisekile ngophenyo lwecala. Isikhalo uyakwazi ukusifaka ngokuvakashela amahhovisi ethu akhona kuzo zonke
izifunda zoMasipala, uyakwazi futhi ukusithinta ngo: WhatsApp kule nombolo ethi: 063 697 9569, kanti futhi uyakwazi ukungena kwi: website yoMnyango bese uskene (scan) i-QR Code yona ezobe isikulandelisa ngemininingwane okumele uyigcwalise.
Angivale ngokuthi ngiphinde ngifisele bonke abafundi bakaMatikuletsheni ukubhala okuhle kwezivivinyo zokuphela konyaka.
Sinxuxa abazali ukuthi basekele abantwana ngokubaphumuza emisebenzini yasendlini okwalesi sikhashana, ukuze sikhiqize imiphumela emihle ezobafaka ezikhungweni zemfundo ephakeme yona ezosikhiqizela osomabhizinisi abazotakula umnotho esifundazwe sakithi, isikhiqizele amaphoyisa, kanye noNgqongqoshe abazovikela ikusasa lalesi sifundazwe.
Ngiyathokoza.